Ukuthuthuka komnotho ezweni lonke kuyehla kanti futhi kuningi okungabazisayo ngezimakethe zezimalizomhlaba. Kulindeleke ukuthi izinga lokuthuthuka komnotho lehle kakhulu uma liqhathaniswa kwiminyaka ukusukela ngoka 2001. Yize umnothowaseNingizimu Afrika uzophazamiseka ngenxa yalokwehla komnotho kumhlaba jikelele, isiseke-lo sawo sisimeme kanti nezimali zezwe zime kahle. Ukutshalwa kwezimali kuyakhula futhikubonakala kamhlophe ukuthi umnotho uzo-qhubeka ukhule. Konke lokhu kunika ithemba lokuthi sizonqoba. Lokukukhula komnotho wethu akukaze kubonwe eminyakeni engu50. eminyakeni emihlanu edlule futhi kulinganiswa ukuthi izinga lokukhula limeku5%. Ukusukela ngoka 2001 sekudaleke imisebenzi elinganiselwa esigidini. Zimbili izinto ezenza ukuthi uhulumeni akwazi ukuthuthukisa izimpilo zomphakathi ezwenilakithi: ukukhula komnotho nokuphathwa kahle kwezimali zezwe. Lokhu kwenze ukuthi uhulu-meni akwazi ukunika abantu izinsiza kwezemfun-do, ezempilo, impesheni, kwezezindlu, kwezamaphoyisa, kwezokuthutha kuka wonke-wonke, izitediamu, imigqaqo namajele. Njengoba umnotho ukhula ngesivinini esin-gaka zibekhona izingqinamba esih-langabezane nazo. Kuyabonakala ukuthi abanele abantu abanamakhono omsebenzi kanti futhi ugesi nosimende awenele ukuh-langabezana nezinga lokukhula. Enye inkinga ukugcwalakwemigwaqo. Ukuze umnotho ukhule nangaphezulu kwalokhu, kufanele sitshale izimali ekuthuthukisweni kwamakhono, kwingqalasizinda, ekuthengweni kwemishini, emigwaqweni nakwe-zokuthutha. Ngenxa yalezi zinqinamba kanye nok-wehla kwezomnotho emhlabeni, kubonakala sengathi izinga lokukhulakomnotho wethu luzokwehlela kuma 4% ukuya kuma 4½% eminyakeni emithathu elandelayo. Noma lokhu kun-gaphanzi uma kuqhathaniswa neminya-ka emihlanu edlule, kusancomeka ezweni elifana neNingizimu Afrika. Okubalulekile ukuthi sizo-qhubeka ngokulungiselela ikusasa ngokutshala izimali. Isabelo sezimali sika 2008 sizokwabela imali elingene ukwenza ukuthi iningi labantu lihlomule ikakhulukazi labo besilisa abamukela impesheniabaphakathi kweminyaka engu 60 no 64, ukuphu-cula uhlelo lokondla abantwana besikole nokuqinisekisa ukuthi isimo sezikole nezibhedlela sihle. Okunye okuhlosiwe ngalesi sabelo ukwenza ukuthi labo abangena manzi nezokuthutha indlebathole lezo zinkonzo, kanye nokutshala imali kwezo kuthutha abaningi, ukukhuphula amaholoawothisha nabongikazi, ukunyusa inani labashushusi nomantshi, ukwandisa amajele, ukukhuthaza abantu ukonga ugesi kanye nokunika umfutho kwezohwebo nezinto ezithengiswa ngaphandle kwaleli. Sifuna nokuqikelela ukuthiuhulumeni usebenzela abantu kangcono nokuthi yonke imali esetshenziswayo inomthelela oncomekayo. Intselelo esibhekene nayo inkulu, kodwa uma sisebenza ngokuzimisela, sithola imiphumela emihle ngokusebenzisa imali futhi sitshala ngoku-cophelela singaphumelela ukunyusa umnotho wakuleli ngo6%. Noma isisekelo somnotho wethusisimeme nje, uzobhekana nobunzima eminyakeni emibili ezayo. Wonke umuntu eNingizimu Afrikakuzofanele asebenze ngokuzimisela, futhi kozo-fanel'ukuthi labo abenza imigomo bacabangisise. Kanjalo isizwe sizophumelela. Sizophumelela Siyini Isabelo SezimaliSikazwelonke Unyaka nonyaka ngoFebruari ungqon-gqoshewezeZimali wethula izihlelo zikaHulumeni zokusentshenziswa kwemali, ukuqoqwa kwen-tela kanye namasu okubolekwa kwemali eminyakeni emithathu elandelayo. Lokhu kubizwa ngokuthi Isabelo Sezimali SikaZwelonke. Lokhu kuchaza indlela uhulu-meni azimisele ukuqoqa ngayo imali yentelaukubolekwa kwemali. Kubuye kuchaze nendlelalemali ezochithwa ngayo. Isabelo sezimalisikazwelonke sabela imali iminyango kahulu-meni kazwelonke, izifunda kanye nomasipala?
malungiselelo emidlalo yebhola yendebe yomhlaba yeFIFA 2010 ayashesha. Sakha izinkundla zemidlalo, izindawo zokuzilo-longa kanye nezindawo lapho izethameli zizongce-beleka khona zibuke imidlalo. Siphucula amasu okuthutha iningi labantu. Konke okuphathelene nale midlalo kubhekelwe - amandla kagesi, esokusakaza nezokuxhumana, izindawo ezizohlala abavakashi, ezokuvakasha ukuheha abavakashi emadolobheni kanye nokwenza amadolobha abe mahle. Kuphinde futhi kulungiselelwe okungenze-ka kwezempilo nokunye okungase kubange izinkinga. Kuzoqikelelwa nokuthi ezokuphepha nokuqeqesha amavolontiya, ukulungiswa kwezen-dalo nokukhucula ukungcola, ezokwazisa ngemid-lalo nakho konke okuphathelene no2010.
Kufanele ukuthi kongezwe imali ukulungiselela ukuthutha kwabaningi eziphathelene nemidlalo yendebe yomhlaba.
Ukwengezwa kwemali yezidingo zezenhlalakahle angaphezulu kwezigidi ezingu12 abamukela imali yezenhlalakahle. Imali yezenhlalakahle ihlinzekelwa ukuthi ibhekane nezidingo zalabo abantengantengayo emphakathini - abadala, izingane, abakhubazekile kanye nalabo abangakwazi ukuzisebenzela. Imali ebekelwe impesheni yabadala, imali yabakhubazekile, imali yezingane ezingena bazali kanye nemali yalabo abadinga ukuncedwa.
Impesheni yabadala ibaluleke kakhulu ohlelweni lwe-zenhlalakahle. Kwabaningi abamukela le mali ban-cike kuyo kuphela ukuthenga ukudla nezinye izidingo ezisemqoka. Ngenxa yalokhu, uhulumeni unqume ukuthi ongeze le mali ngama R69 billion ukwenzela ukuthi abesilisa nabo bahlomule ukusuka kwiminyaka engu60 nje ngabesifazane. Ngoka2008/2009 imali yempesheni izonyukela kuR9,6 billion, okungamaph-esenti angu10 emali echithwa uhulumeni.
Lokhu kwenza ukuthi uMzansi Afrika kube elinye la-mazwe aphambili ekubhekeleni abadingayo ngemali yezenhlalakahle.
Ziningi ezinye izinhlelo zikahulumeni ezisizana nal-abo abahluphekile. Izingane ezithola imali yezenhlalakahle azikhokhi mali yesikolo. Izingane ezinabazali abahluphekayo nazo azikhokhi mali yesikole. Zonke izingane ezingaphansi kweminyaka engu6 azikhokhi emtholampilo noma esibhedlela uma zigula, kanti nabo bonke abathola imali yezenhlakahle bayaxhaswa ezibhedlele uma begula futhi bengenawo umshwalense obhekene nezempilo.
